Ukubamba iqhaza:

Isinyathelo sokuqala – Khetha Umfanekiso noma isithombe

Khetha umfanekiso ofuna ukuwusebenzisa. Lokhu kungabi yisithombe esivamise ukusetshenziswa kwi-meme, esinjenge-stock photo esivamise ukusetshenziswa kumakumaplatfomu noma ukhethe kwezinye zezithombe zakho. Amaplatfomu amaningi enza ama-meme, asenayo vele imifakaniso ekhona. Ungasebenzisa amaplatfomu afana ne-MemeGen kanye ne-MemeGenerator. Kanti futhi siqala nelinye ikhasi elinohla lwama-site avamise ukusetshenziswa kakhulu.

Isinyathelo sesibili – Ngezela imibhalo

Ngokusebenzisa iplatifomu eyenza i-meme yamahhala noma enye i-software ozikhethela yona, khetha imibhalo ekuqaleni kanye nangezansi komfanekiso. Lo mbhalo ungaba umbhalo wehlaya ohlekisayo, noma umbhalo wento ecatshangwa kanzulu – sikukhuthaza ukuthi uzenzele i-meme ephawula ngokulondolozwa noma ukuvuselelwa kolimi

Isinyathelo sesithathu – Londoloza futhi ebese ufakela iMeme yakho kwi-inthanethi

Londoloza umfanekiso ebese uwufakela kwiplatfomu yakho oyithandayo yenkundla yezokuxhumana kawonkewonke (isibonelo, kwi-Instagram, iTwitter noma iFacebook).

Isinyathelo sesine – Ngezelela ama-Hashtag

  • Ngezelela i-hashtag #MemeML
  • Ngezelela i-hashtag yolimi (isibonelo, #IsiZulu, #Xitsonga)

Sicela uqaphele: ukuqhubela phambili nokuphakamisa izilimi ezehlukene kwi-inthanethi kusho ukwazi ukuxhumana nanganoma yiluphi ulimi ozikhethela lona, ngisho noma ungeke wakwazi ukufakela yonke ingqikithi kwidijithali ngendlela ye-elektroniki kulabo abangalwazi ulimi lwakho. Kodwa, uma ufisa ukufinyelela kwiningi labantu, ungakhetha ukuhumusha kwisigaba sombhalo wencazelo ebanzi ngemibono okungenzeka inzima ukuthi ihunyushiwe nokuguqulelwa kolunye ulimi ngemibono elula ehambelana nolunye ulimi.

Isinyathelo sesihlanu – Joyina inselele

  • Tholana nabanye ababelana ngama-Meme abo ngama-hashtag ama #MemeML kuma-Instagram, kuTwitter noma kuFacebook, ebese uphawula, wabelane ngokudlulisela kwabanye (share), nge-retweet, noma nge-re-post.
  • Cinga i-hashtag yolimi lwakho. Landela abanye abenza ama-meme ngolimi lwakho, (isibonelo, #IsiZulu, #Xitsonga).
  • Qinisekisa ukuthi wenza i-tag komunye umuntu, ukumnikeza “inselele” yokuthi enze imeme yakhe. Xhumana nabanye abantu ukubhiyozela izilimi ezehlukene.

Isinyathelo sesithupha – Thokoza uzijabulele!

Hlangana namanxusa ethu Izidlamlilo ezisebenzela izilimi kwi-inthanethi, ezizobe zibambe iqhaza kwinselele ye-Meme yolimi lwasekhaya lwebele kanti futhi sithanda ukukumema ukuthi nawe uzibandakanye ngokwenza okufanayo.